AmaSewer angakahleleki
Busisiswe Mahlangu
AmaSewer angakahleleki
#Siyafa
Kuhlala kuvuza isewer lapha abahlali abaseduze bazithola basenkingeni yokugulelwa yizingane usuthola wonke umuntu esegula kungaziwa uphethwe yini.
Konke lokhu kwenzeka Emalahleni endaweni yase Vosman.Uthola AmaSewer aphuphuma ayongena ezindlini.Akuhambeki AmaSewer aphenduka amadamu okubhukuda izingane zethu.
Ngokubona kwami sekuyisikhathi eside kwenzeka ngoba kudala balenza loshintsho
Abantwana Omama kanye nabobaba bahlukumezeka kakhulu abantwana badlala kuyo lesewer baphinde baphuze wona lamanzi agcolile anukayo.
Kufanele umaspala akhiphe AmaSewer aseduze nemizi nalawa asemabaleni emizini.
Umaspala kumele akhethe abantu abahlala khona ukuba bagade aphinde abafundise ukuthi benzenjani uma bewabona avuza

