Tunatazama - Community Monitors

Ukulahlwa kuka Dodi kungemthetho.

Busisiswe Mahlangu

Ukulahlwa kuka Dodi kungemthetho.

#UDODi

 

Endaweni yaseMalahleni ezinambeni lapho kulahlwa khona udodi kungemthetho eduze nendlela kanye nemizi lapho kuphithizela khona abantu nezimoto indawo ephithizela kakhulu.

 

Yonke lento yenzeka endaweni yaseMalahleni ezinambeni Ext 12 ku main road ephumela eHighveld Steel endlula eBridgin.

 

Ngokubona kwami sekuyisikhathi eside yenzeka ngoba sekunabantu abaphandaphandako kuyo lendawo.

 

Abahlali abaseduze izimoto ezindlulayo kanye nemfuyo kakhulu sezithole indawo lapho zidla khona azisadli utshani sezidla amapapa namapampers wabantwana.

Abahambi nezimoto bahamba bavika udodi kakhulu makunomoyo amaphepha ayaphephuka agcwele umgwaqweni.

 

Yonke lento yenziwa abahlali ngobudedengu babo ngokukhetha indawo eseduze nemizi balahle khona udodi.

 

Kumele umphakathi ufundiswe ngokuhlanzeka kwezindawo abahlala kuzo bazithande kuze zihlale zihlanzekile.

 

Umaspala kumele atshele abantu ukuthi makangalandanga udodi bawuyise kuphi yena uzowuthatha khona.kunokuthi bawulahle endaweni engalunganga.

 

IMG-20220831-WA0021.jpg