Tunatazama - Community Monitors

Iphunga elibi

Busisiwe Mahlangu

Date 20/06/2022

Name Busisiwe Mahlangu

Place Witbank

Municipality Emalahleni

Province Mpumalanga

Iphunga elibi

#UMNUKO

Kuhlala kunuka kulomuzi akusakhonakali nokuthi kuvulwe amafasitela ngenca yokuvuza kwe sewer .

Endaweni yaseMalahleni ezinambeni Ext 10 eduzane nomtholampilo obizwa Mpumelelweni Health Care Clinic kuphuphuma isewer.

Njalo makuke kwana imvula kunuka kabuhlungu akuhambeki ngisho noma

ufuna ukuya endlini encane owukhoni.

Kufanele mawuzondlula uvale izimpumulo ungabuki ukuthi kwenzekani

Abantwana Omama Obaba kanye nabahlali bonke bayahlukumezeka ngalesi Senzo.Abantwana sebahlukumezeka kumalungelo wabo wokudlala ngoba kufanele bahlale basezindlini.

Makuke kwana imvula kuba mabonano.Ama,sewer asemabaleni emizini awafuneki tu.

Kumele Umaspala akhiphe AmaSewer aseduze nemizi ngoba nokugula kuyanda kakhulu kulomndeni okusuka kuvuza kuwo.

Busi-alert1.jpg